Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 6:18 - IsiZulu 2020

18 Bonke abesilisa phakathi kwezizukulwane zika-Aroni bayokudla lokho, kumisiwe kwaba yisabelo saphakade ezizukulwaneni ngezizukulwane zabo, emnikelweni yomlilo kaSimakade; noma yini ewuthintayo iyakuba ngcwele.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni kumelwe bawudle. Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu mayelana neminikelo yomlilo kaJehova; oyithintayo uyakuba ngcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 6:18
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”


“ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”


Uyakubeka isandla sakhe phezu kwenhloko yesiphongwane; sihlatshelwe lapho kuhlatshelwa khona iminikelo yokushiswa phambi kukaSimakade, singumnikelo wesono.


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe ube ngumnikelo wesono lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa.


Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo.


Noma yini eyothinta inyama yawo iyoba ngcwele; lapho igazi lawo lichaphazeleke engutsheni, uyoyigeza endaweni engcwele ingxenye yengubo echaphazelekile.


Uyakudliwa yibo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi; ungcwelengcwele.


Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.


Lokhu niyokudlela endaweni engcwelengcwele, kuyodliwa yibo bonke abesilisa; kuyoba ngcwelengcwele kini.


USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Uyabona-ke, Mina ngikunike igunya phezu kweminikelo yami naphezu kwazo zonke izipho ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli. Ngizinike wena namadodana akho njengengxenye eyisimiso sabaphristi phakade.


Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na?


ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.”


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ