Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 6:14 - IsiZulu 2020

14 “ ‘Lena yindlela yomthetho yomnikelo wokusanhlamvu eyolandelwa: amadodana ka-Aroni ayowunikela phambi kukaSimakade ngaphambi kwe-althare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “ ‘Nanku umthetho weminikelo yempuphu: amadodana ka-Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwe-altare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nanku umthetho womnikelo owenziwa ngomlilo: amadodana ka-Aroni kumelwe awulungise phambi kukaJehova phambi kwe-altare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 6:14
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMathithiya, omunye wabaLevi, owayeyizibulo likaShalumi, umKhorahi, wayenesikhundla sokubheka ukwenziwa kwamakhekhe ayizicaba okuthiwa amaweyifa emabhodweni.


kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


ezangaphakathi namanqina ayokugeza ngamanzi, umphristi bese ekushisa konke kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


UMose wakhuluma no-Aroni no-Eleyazare no-Ithamari, amadodana akhe ayesesele, wathi: “Thathani umnikelo wokusanhlamvu osale eminikelweni yomlilo kaSimakade, niwudle ungenamvubelo, eceleni kwe-althare, ngokuba ungcwelengcwele,


Umlilo uyohlala uvutha njalo e-althare, ungacinywa.


Ayocaphuna kuwo kugcwale isandla, impuphu ecolisekileyo namafutha omnikelo wokusanhlamvu, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wokusanhlamvu, akushise e-althare kube yisikhumbuzo sephunga elimnandi kuSimakade.


khona-ke lowo onikela ngomnikelo wakhe uyoletha kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;


“ ‘Inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu.


ngaphezu kweduna lelo, uyoletha umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi okuthathu kwempuphu ecolisekileyo exovwe nengxenye yehini lamafutha.


Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ