Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 5:18 - IsiZulu 2020

18 Uyoletha kumphristi iwundlu elingenasici alithathe emhlanjini wakhe noma okulingana nalo, kube ngumnikelo wecala; umphristi uyomenzela ukubuyisana mayelana nesiphosiso aphosise ngaso engazi, bese ethethelelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kumelwe alethe inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala kumpristi; umpristi amenzele ukubuyisana ngenxa yokungazi kwakhe one ngako, engazi, uyakuthethelelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 5:18
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana.


Umphristi uyothatha imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nengxenye yelogi lamafutha, akuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.


Uyokwenza ngaleli duna njengoba kwenziwe eduneni lomnikelo wesono; nakuleli uyokwenza kanjalo. Umphristi uyakubenzela ukubuyisana, bathethelelwe.


“Uma umuntu ona, enza noma yini ephambene nemiyalo uSimakade aniyale ngayo ukuthi mayingenziwa, noma ebengazi, uyoba necala, futhi alithwale icala lakhe.


Kungumnikelo wecala; nempela unecala phambi kukaSimakade.”


uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ