Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 5:16 - IsiZulu 2020

16 Uyakukhokhela lokho akonile ezintweni ezingcwele, athasisele okwesihlanu kukho, bese ekunika umphristi, umphristi uyomenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kumelwe alungise umonakalo awenzile endlini engcwele futhi anezele kuyo ingxenye yesihlanu ayinike umpristi; umpristi kumelwe amenzele isihlawulelo ngenqama yomnikelo wecala futhi uyothethelelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 5:16
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.


“Uma umuntu entshontsha inkabi noma imvu, bese eyihlaba noma ayithengise, uyokhokhiswa izinkabi ezinhlanu ngenkabi, nezimvu ezine ngemvu.


“ ‘Uma umuntu edle okungcwele ngephutha, uyothasisela ngokwesihlanu kwakho okungcwele, akunike umphristi.


Kodwa uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho okulinganisiweyo.


Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganiswa, bese iba ngeyakhe.


Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngenkathi lilinganiswa, uyothasisela okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo lapho lilinganiswa.


Uma umuntu efuna ukuhlenga okuthile kokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.


Uyokwenza ngaleli duna njengoba kwenziwe eduneni lomnikelo wesono; nakuleli uyokwenza kanjalo. Umphristi uyakubenzela ukubuyisana, bathethelelwe.


Wonke amanoni aso uyowashisa kube nentuthu e-althare njengamanoni omhlatshelo wokuthula, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


Ngelesibili uyokwenza umnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umphristi amenzele ukubuyisana, owonile athethelelwe.


Umphristi uyakumenzela ukubuyisana mayelana nesono sakhe asenze kunoma yiyiphi kulezo zinto, athethelelwe; okuseleyo kube ngokomphristi, kungumnikelo wokusanhlamvu.’ ”


alethe umnikelo kuSimakade, ube yinhlawulo yesono asenzileyo, insikazi emhlanjini wakhe wezimvu noma wezimbuzi, ibe wumnikelo wesono; umphristi uyomenzela ukubuyisana ngesono sakhe.


Umnikelo wecala uyakuhlatshelwa lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa, igazi lawo lifafazwe nxazonke ze-althare.


Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile.


Uma umuntu owoniweyo engenasihlobo okungakhokhwa kuso isinxephezelo, isinxephezelo esikhokhwa kuSimakade siyoba ngesomphristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayokwenzelwa ngayo ukubuyisana.


Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”


kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Bathi: “Uma senizowuphindisela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuphindiseli ungenalutho. Kodwa ubuyiseleni nomnikelo wecala, khona niyophiliswa; sekuyokwazeka-ke ukuthi kungani isandla sakhe singasuswa kini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ