Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 5:15 - IsiZulu 2020

15 “Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli* esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uma umphefumulo wenza isiphambeko, wona ngokungazi ezintweni ezingcwele zeNkosi; Woletha umnikelo wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini, njengokulinganisa kwakho amashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 5:15
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Imali yeminikelo yamacala neyeminikelo yezono, yayingeniswa endlini kaSimakade ngokuba yayingeyabaphristi.


Bavuma ukuthi bazobalahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama, yaba wumhlatshelo wezono zabo.


Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.


Emphemenigumbi wesango kwakukhona amatafula amabili ngapha nangapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa, umnikelo wesono nomnikelo wecala.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Umphristi uyothatha imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nengxenye yelogi lamafutha, akuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.


isilinganiso ngowesilisa siyakuba: kusukela eminyakeni engama-20 kuya kwengama-60 siyakuba ngamashekeli esiliva angama-50 ngokwesilinganiso seshekeli lasendaweni engcwele.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,


Uyakukhokhela lokho akonile ezintweni ezingcwele, athasisele okwesihlanu kukho, bese ekunika umphristi, umphristi uyomenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, athethelelwe.


Uyoletha kumphristi iwundlu elingenasici alithathe emhlanjini wakhe noma okulingana nalo, kube ngumnikelo wecala; umphristi uyomenzela ukubuyisana mayelana nesiphosiso aphosise ngaso engazi, bese ethethelelwa.


Uyoletha kuSimakade umnikelo wakhe wecala, ube yinqama engenasici ayithathe emhlanjini noma olingana nayo ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumphristi,


“ ‘Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngeminikelo yecala. Ingcwelengcwele.


Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.


uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono.


Uma umuntu owoniweyo engenasihlobo okungakhokhwa kuso isinxephezelo, isinxephezelo esikhokhwa kuSimakade siyoba ngesomphristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayokwenzelwa ngayo ukubuyisana.


“Izinto zenu ezingcwele ezingezenu nezithembiso zenu niyozithatha, niye nazo endaweni ayakuyikhetha uSimakade.


Bathi: “Uma senizowuphindisela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuphindiseli ungenalutho. Kodwa ubuyiseleni nomnikelo wecala, khona niyophiliswa; sekuyokwazeka-ke ukuthi kungani isandla sakhe singasuswa kini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ