Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 5:1 - IsiZulu 2020

1 “ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma umuntu ona, ezwe izwi lesiqalekiso, engufakazi, noma ebonile noma ekwazi; uma engakhulumi, uyakuthwala ububi bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 5:1
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yayisithi kuye inkosi: “Kuyoze kube kangaki ngikufungisa ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaSimakade na?”


“Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo, bese efunga phambi kwe-althare lakho kule ndlu,


Inkosi yayisithi kuye: “Ngiyakukufungisa kuze kube kangaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaSimakade na?”


Ngokuba iziphambeko zami zedlula ikhanda lami, zingisinda njengomthwalo onzima.


isifungo phambi kukaSimakade yisona esiyakunquma phakathi kwabo ukuthi omunye akabanga nasandla empahleni yomunye. Umnini wesilwane uyakusamukela isifungo kungabi bikho sinxephezelo asitholayo.


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uzwa isifungo esibi ngomunye, kepha angasidaluli.


funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.


Ekuhluphekeni kwayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe lomisile ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Baphila impilo embi, basebenzisa namandla abo ngokungafanele.


Umphefumulo owonayo uyakufa. Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.


Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.


Kepha uma engazihlanzi, engawugezi umzimba wakhe, uyothwala ububi bakhe.’ ”


Noma ngubani oyoyidla, uyothwala ububi bakhe, ngokuba ungcolise okungcwele kukaSimakade, lowo muntu uyonqunywa kubantu bakubo.


“ ‘Uma umuntu eyothatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bayo, nayo ibone ubunqunu bakhe, kuyihlazo lokho; bayakunqunywa phambi kwabantu bakubo, ngokuba embulile ubunqunu bukadadewabo, uyothwala icala lakhe.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,


“Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.


“Uma umuntu ona, enza noma yini ephambene nemiyalo uSimakade aniyale ngayo ukuthi mayingenziwa, noma ebengazi, uyoba necala, futhi alithwale icala lakhe.


Uma nje inyama yomnikelo wakhe wokuthula idliwe ngosuku lwesithathu, umnikelo wakhe awuyukwamukeleka, futhi awuyukubalelwa kulowo owunikeleyo; uyakuba yisinengiso, kanjalo nomuntu oyidlayo uyothwala icala.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.


Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


Wathi kunina: “Izinhlamvu zesiliva eziyi-1 100 ezathathwa kuwe, waqalekisa ngenxa yazo, ngikuzwa; uyabona-ke, lelo siliva likimi, yimi engalithatha.” Unina wathi: “Sengathi indodana yami ingabusiswa nguSimakade!”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ