Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:25 - IsiZulu 2020

25 Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Umpristi kumelwe athathe igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa futhi igazi lalo alithulule ngezansi e-altare lomnikelo wokushiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:25
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyothatha ingxenye yegazi layo ulininde ngomunwe wakho ezimpondweni ze-althare, bese kuthi yonke ingxenye yegazi eliseleyo ulithululele phansi esisekelweni se-althare.


Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga yini kwasekusekelweni komhlaba na?


Uyakuphuma aye e-althare eliphambi kukaSimakade, alenzele ukubuyisana. Uyothatha igazi lenkunzi nelempongo, alibhece ezimpondweni ze-althare nxazonke.


Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana.


Enye ingxenye yegazi uyolibheca ezimpondweni ze-althare eliphambi kukaSimakade, ethendeni lokuhlangana, athululele lonke igazi elisele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wethende lokuhlangana.


Uyakubeka isandla sakhe phezu kwenhloko yesiphongwane; sihlatshelwe lapho kuhlatshelwa khona iminikelo yokushiswa phambi kukaSimakade, singumnikelo wesono.


Umphristi uyothatha igazi layo ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi lonke igazi layo alithululele ngasesinqeni se-althare.


Umphristi uyothatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi lonke eliseleyo alithululele ngasesinqeni se-althare.


Umphristi uyobheca ingxenye yegazi ezimpondweni ze-althare lempepho enephunga elimnandi elisethendeni lokuhlangana, phambi kukaSimakade: lonke igazi leduna eliseleyo uyolithululela esinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa, elisemnyango wethende lokuhlangana.


uyofafaza ngengxenye yegazi lomnikelo wesono ohlangothini lwe-althare, kuthi igazi eliseleyo alikhamele esinqeni se-althare; kungumnikelo wesono.


UMose wathatha amafutha okugcoba, wagcoba ithabanakeli nakho konke okwakuphakathi kulo, wakungcwelisa.


UMose wayihlaba, wathatha igazi walibheca ngomunwe wakhe ezimpondweni ze-althare nxazonke, walihlambulula i-althare, igazi eliseleyo walithululela esinqeni se-althare, walingcwelisa kanjalo ukuba alenzele ukubuyisana.


Amadodana akhe aletha igazi kuye, wagcobhoza ngomunwe kulo, walibheca ezimpondweni ze-althare, elinye igazi walithululela esinqeni se-althare,


Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo.


Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ