Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:23 - IsiZulu 2020

23 uma azisiwe isono sakhe one ngaso, uyakuletha umnikelo wesiphongwane esingenasici.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Uma isono sakhe one ngaso sasaziwa; kumelwe anikele ngomhlatshelo wakhe, izinyane lembuzi, iduna elingenasici;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:23
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.


“Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-althare njengoba lihlanjululwa ngenkunzi.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Niyakunikela ngempongo, ibe ngumnikelo wesono, nezinqama ezimbili ezinonyaka, zibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula.


uma isono abasenzileyo sesaziwa, inhlangano iyonikela ngeduna livela emhlanjini libe ngumnikelo wesono, iyoliletha phambi kwethende lokuhlangana.


Uyakubeka isandla sakhe phezu kwenhloko yesiphongwane; sihlatshelwe lapho kuhlatshelwa khona iminikelo yokushiswa phambi kukaSimakade, singumnikelo wesono.


uma azisiwe isono asenzileyo, uyoletha umnikelo wembuzi yensikazi engenasici, ngesono sakhe asenzileyo.


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


“ ‘Uma umuntu efunga egomela ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma okuhle, kumbe akhulume budlabha afunge, engakucabangisisile, lapho esazi uyoba necala lokunye kwalokho.


Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo nenze ngayo umnikelo wesono, nethole, newundlu okunonyaka, okungenasici, kube ngumnikelo wokushiswa,


uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono.


Nempongo iyoba ngumnikelo wesono kuSimakade; kuyonikelwa ngayo nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.


Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngale komnikelo wesono wokubuyisana, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu, neminikelo yayo yokuphuzwayo.


Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngale komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu nomnikelo wawo wokuphuzwayo.


Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu neminikelo yayo yokuphuzwayo.


Impongo ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana,


Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ