Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 3:1 - IsiZulu 2020

1 “ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Uma umnikelo wakhe ungumhlatshelo weminikelo yokuthula, enikela ngowemihlambi, noma iduna noma insikazi, wonikela ngawo phambi kukaJehova ungenasici.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma umnikelo wakhe wempuphu ungumnikelo wokubonga, ewuletha ezinkomeni; noma ingowesilisa noma ingowesifazane, uyakuletha phambi kukaJehova ingenasici.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 3:1
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wakhuleka kuSimakade. USimakade esezulwini waphendula ngomlilo e-althare leminikelo wokushiswa.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


Wathuma izinsizwa zakwa-Israyeli zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uSimakade amaduna ukuba abe yimihlatshelo yokuthula.


Lezi zinto ziyokuba yisimiso saphakade ku-Aroni namadodana akhe ezivela kuma-Israyeli, ngokuba lokhu kungumnikelo, futhi kuyokuba ngumnikelo wabakwa-Israyeli ovela eminikelweni yabo yokuthula, okungumnikelo kuSimakade.


“Namuhla ngiyenzile iminikelo yokuthula; ngazigcwalisa izithembiso zami.


Kuyakuthi uma seziphelile lezo zinsuku, kube ngusuku lwesishiyagalombili kuya phambili, bese abaphristi benikela iminikelo yenu yokushiswa e-althare, neminikelo yenu yokuthula; ngiyakunamukela-ke,” kusho iNkosi uSimakade.


Kuyakuthathwa newundlu elilodwa ezimvini ezingama-200 ezivela emadlelweni anamanzi kwa-Israyeli, kube nomnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa nomnikelo wokuthula, ukuba benzelwe ukubuyisana,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Ngalokho abantu bakwa-Israyeli bayoletha imihlatshelo yabo abayihlabele endle, bayoyiletha kuSimakade, kumphristi ongasemnyango wethende lokuhlangana bayinikele ibe yiminikelo yokuthula kuSimakade.


Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula kuSimakade ovela emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi uyonikela ngokungenasici.


Wahlaba inkunzi nenqama kwaba yimihlatshelo yokuthula ongowabantu; amadodana akhe aletha igazi, walifafaza nxazonke e-althare,


nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”


Impela noma ninganikela kimi ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu, ngeke ngiyamukele; ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula yamathole akhuluphalisiweyo.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.


“ ‘Uma unikela ngeduna njengomnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma iminikelo yokuthula kuSimakade,


anikele ngomnikelo wakhe kuSimakade, imvu yeduna enonyaka engenasici, ibe ngumnikelo wokushiswa. Anikele nangensikazi engenasici enonyaka, ibe ngumnikelo wesono, inqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,


Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.


Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguGamaliyeli, indodana kaPhedazuri.


Niyonikela ngeminikelo yenu yokushiswa, inyama negazi e-althare likaSimakade uNkulunkulu wenu, igazi lemihlatshelo yenu lithelwe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wenu, nina nidle inyama.


nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuba nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe, uJesu Khristu.


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


Ngosuku olulandelayo, abantu bavuka ngovivi, bakha i-althare lapho, banikela imihlatshelo yokushiswa nemihlatshelo yokuthula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ