Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 27:30 - IsiZulu 2020

30 “ ‘Konke okweshumi kwezwe, okwembewu noma okwezithelo zemithi yezwe, kungokukaSimakade; kungcwele kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Futhi konke okweshumi kwezwe, okwembewu yezwe noma okwesithelo somuthi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 27:30
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.


naleli litshe engilimisileyo laba yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, bese kuthi konke ozongipha khona ngikunikele kuwe, kube ngokweshumi.”


Kuyakuthi lapho senivunile, uFaro nimnike ingxenye yesihlanu, izingxenye ezine zibe yimbewu yamasimu enu, nokudla kwenu, nokwabendlu yenu, nabantwana benu.”


UJosefa wakumisa lokhu kwaba wumthetho mayelana nomhlaba eGibhithe; kusengumthetho osebenzayo nanamuhla, ukuthi ingxenye yesihlanu yezitshalo ingekaFaro. Ngumhlabathi wabaphristi kuphela ongazange ube ngokaFaro.


Baletha iminikelo yokweshumi nezinto ezingcwele ngokwethembeka, owayebengamele kwakunguKhonaniya, umLevi, uShimeyi, umfowabo, engomesekeleyo.


Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


Bonke abantu bakwaJuda base beqala futhi ukunikela okweshumi kokusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, kwafakwa ezinqolobaneni.


walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi.


“ ‘Umuntu oqalekisiweyo phakathi kwabantu akasoze ahlengwa; uyobulawa nokubulawa.


Uma umuntu efuna ukuhlenga okuthile kokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.


“Kepha, maye, kini baFarisi, ngokuba nikhipha okweshumi kweshaladi nopelepele, nazo zonke izinhlobo zemifino, kodwa nibushaya indiva ubulungiswa nokuthanda uNkulunkulu. Lokho-ke bekufanele nikwenze, kodwa ningaziyeki nezinye.


Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela ngokweshumi kwakho konke engikutholayo.’


Uyodla isabelo esilingana nesabanye, ngisho noma ebethole okuthile ngokuthengisa ngefa likayise.”


“Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ