Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 26:40 - IsiZulu 2020

40 “ ‘Bayakubuvuma ububi babo nobubi bokhokho babo okwathi ekungethembekeni kwabo, benza ukungethembeki kimi, baqhubeka bamelena nami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “ ‘Bayakuvuma ububi babo nobubi bawoyise ngeziphambeko zabo abaphambeka ngazo kimi, nokuthi njengokuba bahamba bephambene nami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Uma bevuma ububi babo nobubi bawoyise ngesiphambeko sabo abasona kimi, nokuthi bahambe bemelene nami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 26:40
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha bese ubuya umqondo wabo besezweni abathunjelwe kulo, baphenduke, bakunxuse besezweni lababathumbileyo bathi: ‘Sonile, senze okungalungile, senze okubi;’


uma bephendukela kuwe ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo besezweni lezitha zabo ezibathumbileyo, bakhuleke kuwe bebheke ezweni lakubo owalinika okhokho babo, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


Ngakho-ke vumani izono zenu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, nenze intando yakhe; zehlukaniseni kubantu bezwe nakubafazi bezizwe.”


Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngihlazeke kakhulu, ngesaba ngisho ukubheka kuwe, Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu sezedlula amakhanda ethu, necala lethu selifinyelela emazulwini.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


“Bheka, Simakade, ngokuba ngilusizi, kuphethuka izibilini. Inhliziyo yami iyayaluza ngaphakathi, ngokuba ngihlubuke kakhulu. Ngaphandle inkemba idla lubi; endlini ngukufa kodwa.


Niyakuzikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, nizenyanye nina uqobo, ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


“ ‘Uma niyohamba nimelene nami, ningavumi ukungilalela, ngiyakunehlisela izinhlupheko eziphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


nami ngizomelana nani, ngizakunishaya, yebo, ngokuphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


“ ‘Kuyothi uma enecala lokunye kwalezi zinto, akuvume lokho akonileyo,


Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile.


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


UJoshuwa wathi ku-Akhani: “Ndodana yami, mnikeze udumo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uvume kuye isono sakho. Ngitshele manje ukuthi wenzeni; ungangifihleli lutho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ