Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 26:22 - IsiZulu 2020

22 Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, ziyakubulala abantwana benu, zibhubhise imfuyo yenu, zinicoboshise, zibhubhise nezindlela zenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngiyakuthuma izilo zasendle phakathi kwenu, eziyakuniphuca abantwana benu, zichithe izinkomo zenu, zinenze nibe bambalwa; izindlela zenu ziyakuba yihlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 26:22
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi beqala nje ukuhlala lapho, abaze bamesaba uSimakade, ngakho-ke uSimakade wathumela phakathi kwabo amabhubesi, abulala abanye babo.


Waphenduka, wababona, wabaqalekisa egameni likaSimakade, kwase kuphuma ehlathini amabhere ezinsikazi amabili abadwengula labo bafana ababengama-42.


Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe.


Ngakho-ke isiqalekiso siyawubhuqabhuqa umhlaba, izakhamuzi zitholwe zinecala; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusale ingcosana nje kuphela.


Kukhala ibhungane emigwaqweni, izihambi azisabonwa ezindleleni. Isivumelwano sichithiwe, imizi kayisanakiwe, nokuphila komuntu akushaywa mkhuba.


“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.


bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo.


Imigwaqo yaseZiyoni iyalila, akusekho muntu osaya emikhosini emisiweyo; onke amasango akhona aseyincithakalo, abaphristi bakhona bayabubula, izintombi zakhona ziyahlupheka; nalo linomunyu.


“Uma ngithumela izilwane zasendle ezweni ukuba zilenze lingabi nabantwana, libe yincithakalo, kungadluli umuntu kulo ngenxa yezilwane,


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo neze, ukuzidla ngamandla alo kuyakuphela nya; izintaba zakwa-Israyeli ziyakubhujiswa ukuze kungabi bikho odlula kuzo.


Ngiyakuthumela kini indlala nezilwane ezimbi, kunishiye ningenabantwana, kubhoke ubhubhane nokuchitheka kwegazi phakathi kwenu; ngiyokwehlisela inkemba phezu kwakho. Mina Simakade ngikhulumile.’ ”


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”


bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.


“Ezinsukwini zikaShamgari, indodana ka-Anathi, ezinsukwini zikaJayeli, abantu bayibalekela imigwaqo emikhulu, abahamba ngalezo ndlela bahamba ngezindlela ezimazombezombe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ