Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 26:19 - IsiZulu 2020

19 Ngiyakuqeda ukuqhosha ngamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu; ngiyakwenza izulu lenu libe njengensimbi, nomhlaba wenu ube njengethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 26:19
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izulu lakho phezu kwekhanda lakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Kepha impela ngithi kini: ngezinsuku zika-Eliya kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli; izulu lomisile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke.


Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


“ ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Nalabo ababesekela iGibhithe bazoqumbeka phansi, nokuzigqaja ngamandla alo kuzophela nya; bazodliwa yinkemba bekulo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Usho kanje uSimakade: ‘Ngiyakukubhubhisa kanjalo ukuziqhenya kukaJuda, nokuzigqaja kweJerusalema.


Noma bephakamisa izandla zabo, bephakathi kwayo njengababhukudayo, bevula izandla zabo bebhukuda, ukuphakama kwabo kuyothotshiswa naphezu kokuba begwedla kangaka ngezandla zabo.


Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa, kwathi amadodana amabili ka-Eli, uHofini noFinehasi, abulawa.


Ngiyakuletha abantu abakhohlakele bezizwe, bayakudla izindlu zabo; ngikuqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.


Uyothobisa abakhe endaweni ephakemeyo, umuzi ophakemeyo uwubhidliza awuthele othulini.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Kwathi lapho abantu bengena enkanjini, amalunga akwa-Israyeli athi: “USimakade usibulaleleni namuhla phambi kwamaFilisti na? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade eShilo, ube ngakithi, sihambe nawo, usisindise esandleni sezitha zethu.”


“Lapho izulu livaliwe, kungekho mvula, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bekule ndawo, badumise iGama lakho, baphenduke esonweni sabo, abashaywe ngenxa yaso,


Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza kwezidakwa zakwa-Efrayimi, nasembalini ebunayo yobuhle obukhazimulayo bawo, osenhloko yesigodi esivundile, salabo abanqotshwe yiwayini!


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.


Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo neze, ukuzidla ngamandla alo kuyakuphela nya; izintaba zakwa-Israyeli ziyakubhujiswa ukuze kungabi bikho odlula kuzo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ