Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 24:16 - IsiZulu 2020

16 Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, inhlangano yonke imkhande ngamatshe; kokubili umfokazi nowokuzalwa ezweni, lapho ehlambalaza iGama leNkosi, uyabulawa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 24:16
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wasuka wahamba nabo bonke abantu ayenabo, besuka eBhali Juda, ukuyolinda umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, igama likaSimakade Wamabandla ohlala phezu kwamakherubhi.


Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho.


Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?


Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


“Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe.


Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa.


Pho nithini ngalokhu na?” Baphendula bathi: “Ufanelwe ngukufa.”


Senizizwele ehlambalaza; pho nithini?” Bonke bamlahla ngecala, bethi ufanelwe ngukufa.


AbaJuda bamphendula, bathi: “Sinomthetho thina; ngokwalo mthetho ufanele ukuba afe, ngokuba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.”


Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”


bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ