Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 23:8 - IsiZulu 2020

8 Niyonikela kuSimakade ngomnikelo womlilo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lwesikhombisa kuyoba ngumhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lwesikhombisa kungumhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesikhombisa kuyakuba ngumhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 23:8
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngosuku lokuqala niyoba nombuthano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa. Aniyukusebenza ngalezo zinsuku; niyolungisa kuphela lokho okuyobe kuzodliwa ngabantu bonke.


Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuthi ngosuku lwesikhombisa kube nomkhosi kaSimakade.


Ngezinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakunikela kuSimakade umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici, ngalezo zinsuku eziyisikhombisa; sinikele ngempongo usuku nosuku, ibe ngumnikelo wesono.


Ngosuku lokuqala niyokuba nomhlangano ongcwele, aniyukwenza msebenzi.


Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


Ngosuku lwesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu emkhosini wenu wamaviki, niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ