Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 23:4 - IsiZulu 2020

4 “ ‘Nansi-ke imikhosi emisiweyo kaSimakade, imihlangano engcwele eniyoyimemezela kubo ngezikhathi ezimisiweyo:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lena imikhosi kaJehova, imibuthano engcwele, eniyakuyimemezela ngesikhathi esifanele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 23:4
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kumele bamemezele eJerusalema nakuyo yonke eminye imizi, bathi: “Khuphukelani ezintabeni, nigawule amagatsha omnqumo nomnqumo wasendle, uthathawe, amasundu nezinye izihlahla, nakhe amadokodo njengokulotshiweyo.”


“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.


Maye, kuwe Ariyeli, muzi lapho uDavide ake akanisa khona. Yengeza unyaka phezu komunye, imikhosi uqhubeke nokuyigubha njengenjwayelo.


“ ‘Kuyakuthi uma kunombango, basukume ukuba behlulele. Bayakwehlulela ngokwezehlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, futhi balingcwelise isabatha lami.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilena imikhosi kaSimakade emisiweyo engiyimemezelayo kini ibe yimihlangano engcwele, iyimikhosi yami emisiweyo.


Niyakumemezela ngalolo lusuku, nibe nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.


“ ‘Lena yimikhosi emisiweyo kaSimakade eniyoyimemezela enhlanganweni engcwele ukuba ninikele ngayo ngomnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa nomnikelo wokusanhlamvu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwayo, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo,


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ