Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 22:23 - IsiZulu 2020

23 Inkunzi noma imvu enesitho eside kunezinye noma enesitho esincane, ninganikela ngayo ibe ngumnikelo wesihle, kodwa uma kungowesifungo awuyukwamukeleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Inkunzi noma iwundlu elinokuchichima noma elishodayo, ninganikela ngalo libe ngumnikelo wesihle; kepha ngokwesithembiso ayiyikwamukeleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 22:23
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.


Umuntu okhubazekile akayukusondela: noma oyimpumputhe, noma olunyonga, onekhala elilinyaziwe, nonezitho ezingalingani,


Aniyukunikela ngephuphuthekayo, eyaphukile, elimele, enesilonda, enokhwekhwe nenomuna, futhi aniyukunikela ngazo kuSimakade, zibe ngumnikelo womlilo e-althare lakhe.


Aniyukunikela kuSimakade ngethenwe ngokufihlizwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokuhhumpulwa; aniyukwenza kanjalo ezweni lakini.


Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.


Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma ngabe linasici sini, awuyukunikela ngalo kuSimakade uNkulunkulu wakho.


“Ungamhlabeli uSimakade uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici, enokuthile okubi, ngokuba lokho kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ