1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Bonke abangawulaleli umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi, kumele bajeziswe ngokubafaneleyo, kungaba ngokufa noma ngokudingiswa, noma ngokudlelwa impahla noma ngokuboshwa.”
Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.
Wabulala abantwana bami, wanikela ngabo kuzo, wabadabulisa emlilweni.
“ ‘Niyozigcina zonke izimiso zami, nizenze zonke izehlulelo zami; nginguSimakade.’ ”
“Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe.
Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?
Uma nimesaba uSimakade nimkhonza, nilalela izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni somlomo kaSimakade, nina nenkosi yenu enibusayo, nilandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nenza kahle.