Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 2:13 - IsiZulu 2020

13 Yonke iminikelo yakho yokusanhlamvu uboyiyolisa ngosawoti; ungawushiyi usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho eminikelweni yakho yokusanhlamvu; yonke iminikelo yakho iyoba nosawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Yonke iminikelo yomlilo yomnikelo wakho wokudla kumelwe uyifafaze ngosawoti; futhi akumelwe usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho untuleke emnikelweni wakho wempuphu; nazo zonke izipho zakho woletha usawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 2:13
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Anazi yini ukuthi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide namadodana akhe umbuso kwa-Israyeli, kuze kube phakade, ngesivumelwano sikaSawoti na?


kuze kufike ekhulwini lamathalenta esiliva, nekhulu lamakhora kakolo, amabhathi ayikhulu ewayini, amabhathi alikhulu amafutha, nosawoti ongenakubalwa.


Uyokwenza ngakho impepho, ukuxube namakha njengomthaki, ukufake usawoti ukuze kube yinto ecwengekileyo nengcwele.


Uyakukusondeza phambi kukaSimakade, abaphristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu.


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ