Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 18:30 - IsiZulu 2020

30 Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngakho anogcina isiyalezo sami, ukuze ningenzi nayiyodwa yalezi zenzo ezinengekayo ezenziwa ngaphambi kwenu, ningangcolisi ngazo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 18:30
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaba khona nezifebe zesilisa zethempeli kulelo lizwe, abantu benza okufana nakho konke okunengisayo kwabezizwe, uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Wenza okuningi okunengisayo ngokulandela izithombe nangakho konke okwakwenziwa ngama-Amori, uSimakade ayewaxoshile ngaphambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


“ ‘Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyonqunywa kwabakubo.


Aniyukuhamba ngezimiso zezizwe engizozixosha phambi kwenu, ngokuba zenzile zonke lezi zinto; nganengwa yizo.


“ ‘Ngakho-ke bayogcina umyalo wami; ukuze bangabi nesono ngenxa yawo, bese befa ngokuba bewujivazile; nginguSimakade obangcwelisayo.


“Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


emveni kokuba sezibhujisiwe, qaphela ukuba zingabi wugibe kuwe, ngokuba ubuze ngonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe bezibakhonza kanjani onkulunkulu bazo, ukuze nami ngenze kanjalo na?’


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ