Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 18:2 - IsiZulu 2020

2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguSimakade uNkulunkulu wenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Khuluma kubantwana bakoIsrayeli uthi kubo: NgiyiNkosi uNkulunkulu wenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 18:2
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku engamkhetha ngalo u-Israyeli ngafunga ozalweni lwendlu kaJakobe, ngazambula kubo eGibhithe, ngafunga ngathi: NginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Ngathi kubo: Makube yilowo nalowo alahle okwenyanyekayo emehlweni akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.


Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


Niyokwenza izehlulelo zami, nigcine imithetho yami, nihambe ngayo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Awuyukuvuna konke esivinini sakho, awuyukubutha amagilebhisi avuthuluke kuso, uyowashiyela abampofu nabafokazi; nginguSimakade uNkulunkulu wakho.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Aniyukuhamba ngezimiso zezizwe engizozixosha phambi kwenu, ngokuba zenzile zonke lezi zinto; nganengwa yizo.


“ ‘Zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba Mina nginguSimakade, uNkulunkulu wenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ