Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 17:6 - IsiZulu 2020

6 Umphristi uyofafaza igazi e-althare likaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuSimakade,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umpristi wofafaza ngegazi i-altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umpristi afafaze ngegazi e-altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni abe yiphunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 17:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyowathatha wonke amafutha emboze okwangaphakathi, namanoni asesibindini, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-althare.


Uyoyishisa yonke inqama e-althare ngoba ingumnikelo wokushiswa kuSimakade; iyiphunga elimnandi; ingumnikelo womlilo kuSimakade.


“ ‘Kepha abaphristi babaLevi, amadodana kaZadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele ngesikhathi abakwa-Israyeli bephambuka kimi, yibona abayakusondela kimi, bangikhonze, bame phambi kwami, banikele ngamanoni nangegazi, kusho iNkosi uSimakade.


Ngalokho abantu bakwa-Israyeli bayoletha imihlatshelo yabo abayihlabele endle, bayoyiletha kuSimakade, kumphristi ongasemnyango wethende lokuhlangana bayinikele ibe yiminikelo yokuthula kuSimakade.


Umphristi uyakukushisa lokhu kube nentuthu e-althare, kungumnikelo wokudla womlilo kuSimakade.


abeke isandla sakhe enhloko yaso, asihlabele phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi laso nxazonke ze-althare.


Umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi. Onke amanoni angakaSimakade.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yawo, awuhlabe ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni angabaphristi ayofafaza igazi lawo nxazonke ze-althare.


Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe. Liyohlatshwa phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi lalo nxazonke ze-althare.


Uyowasusa wonke amanoni ayo ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wokuthula, umphristi ayishise kube nentuthu e-althare, kube yiphunga elimnandi kuSimakade, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


“Kepha izibulo lenkomo, noma lemvu, noma lembuzi, awuyukulihlenga; lingcwele. Uyofafaza ngegazi lalo e-althare, ushise amanoni alo abe ngumnikelo womlilo oliphunga elimnandi kuSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ