Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 17:4 - IsiZulu 2020

4 engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele* likaJehova, lowo muntu wobalelwa icala legazi; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 ungayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukuze unikele ngomnikelo kuJehova phambi kwetende leNkosi; igazi kufanele libalelwe kulowo muntu; wachitha igazi; lowomuntu uyakunqunywa phakathi kwabantu bakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 17:4
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”


Ubusisiwe umuntu uSimakade angambaleli isiphambeko, okungekho nkohliso emoyeni wakhe.


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.


Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’ ”


Yilowo nalowo oyokwenza enjengale ukuba ayisebenzise njengamakha akhe, uyakunqunywa kubantu bakubo.”


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


Ngokuba entabeni yami engcwele, esicongweni sentaba yakwa-Israyeli, yonke indlu yakwa-Israyeli iyakungikhonza kuyo ezweni; ngiyakubemukela khona, ngifune iminikelo yenu, okwekhethelo kwenu nakho konke okungcwele okungokwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Ngokuba impilo yazo zonke izidalwa igazi lazo nomphefumulo wazo kusegazini lazo, ngalokho ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Aniyukulidla igazi lenyama yonke, ngokuba ukuphila kwazo zonke izidalwa kusegazini lazo; lowo olidlayo uyonqunywa.”


yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli oyohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi enkanjini, noma ayihlabele ngaphandle kwenkambu,


Ngalokho abantu bakwa-Israyeli bayoletha imihlatshelo yabo abayihlabele endle, bayoyiletha kuSimakade, kumphristi ongasemnyango wethende lokuhlangana bayinikele ibe yiminikelo yokuthula kuSimakade.


kodwa angawulethi emnyango wethende lokuhlangana ukuba awunikele kuSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


“ ‘Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyonqunywa kwabakubo.


“ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni ukuba alale naso, uyobulawa owesifazane nesilwane; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.


“ ‘Uma umuntu elala nowesifazane osesikhathini, embule ubunqunu bakhe, umembulile esesikhathini, naye uzembulile esesikhathini, ngakho-ke bobabili bayonqunywa kubantu bakubo.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yawo, awuhlabe ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni angabaphristi ayofafaza igazi lawo nxazonke ze-althare.


Uma nje inyama yomnikelo wakhe wokuthula idliwe ngosuku lwesithathu, umnikelo wakhe awuyukwamukeleka, futhi awuyukubalelwa kulowo owunikeleyo; uyakuba yisinengiso, kanjalo nomuntu oyidlayo uyothwala icala.


Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.


Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni.


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Njengalokhu noDavide ekhuluma ngokubusiswa komuntu, uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:


Ngokuba isono sasikhona emhlabeni, kwaze kwafika umthetho; kodwa isono asibalelwa lapho kungekho khona umthetho.


Kepha umthetho wangena ukuze kwande isiphambeko, kodwa lapho kuvama khona isono, kwavama kakhulu umusa ngokwedlulele,


Simakade, thethelela abantu bakho, u-Israyeli, obahlengileyo. Susa igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho, u-Israyeli,’ ngakho bayothethelelwa icala legazi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ