Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 16:18 - IsiZulu 2020

18 Uyakuphuma aye e-althare eliphambi kukaSimakade, alenzele ukubuyisana. Uyothatha igazi lenkunzi nelempongo, alibhece ezimpondweni ze-althare nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uyakuphuma, aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kumelwe aphume aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenze isihlawulelo; uthathe igazi lenkunzi nasegazini lempongo, ulisakaze ezimpondweni ze-altare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 16:18
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Aroni uyokwenza umnikelo wokubuyisana phezu kwezimpondo zalo kanye ngonyaka. Izizukulwane ngezizukulwane, u-Aroni uyokwenza inkonzo yokulihlambulula kanye ngonyaka ngegazi lomnikelo wokuhlambulula isono. Lingcwelengcwele kuSimakade.”


“Uyakuthatha igazi ulibhece kuzona zozine izimpondo zalo, emagumbini omane onqenqema, nasemaphethelweni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana.


“Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-althare njengoba lihlanjululwa ngenkunzi.


Umphristi uyakuthatha egazini lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, emagumbini omane onqenqema lwe-althare nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi.


Uyakuyenzela kanjalo ukubuyisana indawo engcwele, ngenxa yokungcola kwabantu bakwa-Israyeli, nangenxa yeziphambeko zabo, nazo zonke izono zabo. Uyakulenzela kanjalo nethende lokuhlangana elihleli phakathi kokungcola kwabo.


Akuyukuba bikho muntu ethendeni lokuhlangana kusukela ngesikhathi angena ngaso ukuyokwenza ukubuyisana endaweni engcwele kuze kube yisikhathi aphuma ngaso; esezenzele yena ukubuyisana nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.


Enye ingxenye yegazi uyolibheca ezimpondweni ze-althare eliphambi kukaSimakade, ethendeni lokuhlangana, athululele lonke igazi elisele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wethende lokuhlangana.


Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa.


Umphristi uyobheca ingxenye yegazi ezimpondweni ze-althare lempepho enephunga elimnandi elisethendeni lokuhlangana, phambi kukaSimakade: lonke igazi leduna eliseleyo uyolithululela esinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa, elisemnyango wethende lokuhlangana.


nempongo ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana.


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ