Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 11:31 - IsiZulu 2020

31 Zonke lezi zilwane zingcolile kini phakathi kwezilwane ezihuquzelayo; oyothinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kube kusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Yilezo ezingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo; bonke abazithintayo sezifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo; bonke abayithintayo isifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 11:31
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.”


isigcilikisha, isiquzi, intulo, isibankwa, nonwabu.


Konke esiyowela phezu kwakho sesifile kuyakuba ngokungcolileyo, noma ngumuthi, noma yingubo, noma yisikhumba, noma yisaka, noma ngabe yini nje okusetshenzwa ngayo; kuyakufakwa emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.


Aniyukuyidla inyama yazo, futhi aniyukuzithinta izidumbu zazo; zingcolile kini.


“Oyongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Umphristi uyakunikela ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa; uyakumenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade ngenxa yokumfimfa kwakhe.


Lowo obehambise impongo ku-Azazeli uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.


“ ‘Noma ngubani odla ingcuba noma isilwane esidweshulwe yizilo, noma ngabe ungowolibo noma ngumfokazi, uyohlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe, bese eyahlambuluka.


Umuntu oyothinta okunjalo uyokuba ngongcolileyo kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, aze ageze umzimba wakhe ngamanzi.


Umphristi uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi ngaphambi kokuyongena enkanjini; abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ