Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 10:1 - IsiZulu 2020

1 ONadabi no-Abhihu, amadodana ka-Aroni, bathatha izitsha zabo zempepho ngamunye, bafaka kuzo umlilo, babeka impepho phezu kwazo, banikela phambi kukaSimakade ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 ONadabi no-Abihu, amadodana ka-Aroni, bathatha enye yazo umcengezi wakhe womlilo, bafaka umlilo kuwo, babeka impepho phezu kwayo, baletha umlilo ongesesikweni phambi kukaJehova, angabayala ngawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 10:1
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umlilo kaSimakade wehla, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, waze wakhotha namanzi ayesemseleni.


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kuSimakade, wena, no-Aroni, noNadabi, no-Abhihu, namalunga angama-70 akwa-Israyeli; nikhothame ningikhonze nisekude.


UMose, u-Aroni, uNadabi, u-Abhihu namalunga akwa-Israyeli angama-70 bakhuphuka,


Uyokwenza izitsha zalo zokubutha umlotha, amafosholo alo, izitsha zalo, izimfologo zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uyozenza zonke izimpahla zalo ngethusi.


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


amafutha okugcoba, nempepho enuka kahle yendawo engcwele. Bayokwenza konke lokhu njengalokhu ngikuyalile.”


Wenza amafutha okugcoba angcwele, namakha empepho amnandi, ethakwe ngumthaki oyingcweti.


Wenza zonke izimpahla ze-althare; amabhodwe, amafosholo, imicengezi, izimfologo nemicengezi yomlilo, konke wakwenza ngethusi.


wayeseshisa kulo impepho enuka kamnandi, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


U-Aroni wathatha u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, waba ngumkakhe, wamzalela uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare, no-Ithamari.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu siye ehlane, sethule umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wethu njengalokhu esiyalile.”


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali, ukuze bashise ngomlilo amadodana abo, abe yiminikelo yokushiswa kuBhali, engingakuyalanga, engingakhulumanga ngakho nokungangenanga enhliziyweni yami.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Wonke amadoda ayazi ukuthi omkawo bashisela impepho abanye onkulunkulu, kanye nabesifazane bonke ababemi lapho, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe, ePhathirosi; bamphendula uJeremiya, bathi:


Niluchukuluzeleni ulaka lwami ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho eGibhithe, lapho niye ukuba niyogogobala na? Nizibhubhisa nina, ukuze nibe yisiqalekiso nehlazo ezizweni zonke zomhlaba.


Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


USimakade wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana amabili ka-Aroni, ayesondele phambi kukaSimakade, maqede afa.


Uyothatha isitsha sempepho esigcwele amalahle omlilo ase-althare phambi kukaSimakade, nempepho egxotshiwe igcwele izandla zakhe zombili, angene nayo ngaphakathi kwesihenqo.


“ ‘Ngakho-ke bayogcina umyalo wami; ukuze bangabi nesono ngenxa yawo, bese befa ngokuba bewujivazile; nginguSimakade obangcwelisayo.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.


UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha sempepho, ufake kuso amalahle avuthayo ase-althare, nempepho, uphuthume uye ebandleni uyolenzela ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaSimakade isiphumile, seluqalile ubhubhane.”


UNadabhi no-Abhihu bafela lapho ngesikhathi benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaSimakade.


“Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi,


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ