Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 1:17 - IsiZulu 2020

17 Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uyakuliqhekeza ngamaphiko akhe, angalidabuli libe yizicucu; umpristi awuthungele e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, iphunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 1:17
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhrama wakuletha kuSimakade konke lokho, wakwehlukanisa izingxenye ezimbili, wazihlela izinhlangothi zabhekana, kodwa izinyoni akazehlukanisanga.


Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.


Ngokuba awuyiyekelanga impilo yami kwelabafileyo; nokuba othembekileyo wakho abone igodi.


kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Uyowuletha emadodaneni ka-Aroni angabaphristi. Ayocaphuna ngesandla impuphu ecolisekileyo, amafutha, nayo yonke inhlaka, umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare kube yisikhumbuzo, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Uyakuwaletha kumphristi, alethe kuqala elomnikelo wesono, alishuphule ikhanda entanyeni, kodwa angalehlukanisi nalo,


“ ‘Lena yindlela yomthetho yomnikelo wokusanhlamvu eyolandelwa: amadodana ka-Aroni ayowunikela phambi kukaSimakade ngaphambi kwe-althare.


UMose wageza ngamanzi ezangaphakathi namanqina, yonke inyama yenqama wayishisa e-althare; yaba ngumnikelo wokushiswa, oyiphunga elimnandi, ingumnikelo womlilo kuSimakade njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Amnika izitho ngezitho zomnikelo wokushiswa, nenhloko, wakushisa e-althare.


senenza umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo ukwenza iphunga elimnandi kuSimakade, ezinkomeni noma ezimvini,


Enye imvu uyonikela ngayo kusihlwa. Uyonikela ngayo njengomnikelo wokusanhlamvu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwayo, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.


UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.


Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ