Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 1:11 - IsiZulu 2020

11 Uyolihlabela ngasohlangothini olusenyakatho lwe-althare phambi kukaSimakade, kuthi amadodana ka-Aroni angabaphristi afafaze igazi lalo nxazonke ze-althare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kumelwe alihlabe ohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kobuso bukaJehova; abapristi, amadodana ka-Aroni, bayochitha igazi lakhe phezu kwe-altare nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 1:11
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wathatha ingxenye yegazi walithela ezitsheni, kwathi enye wafafaza ngayo i-althare.


Wafaka itafula ethendeni lokuhlangana, walibeka ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli ngaphandle kwesihenqo,


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi nazi izimiso ze-althare ngosuku abayakulenza ngalo, ukuba banikele phezu kwalo umnikelo wokushiswa, balifafaze ngegazi.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho, ubheke ngasenyakatho.” Ngawaphakamisa amehlo ami, ngabheka ngasenyakatho; ngabona ngasenyakatho yesango le-althare isithombe salo mhawu sisekungeneni.


Iduna liyohlatshwa phambi kukaSimakade; amadodana ka-Aroni angabaphristi alethe igazi, alifafaze nxazonke ze-althare elingasekungeneni kwethende lokuhlangana.


Uyoyihlaba imvu yeduna lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, endaweni engcwele, ngokuba umnikelo wecala njengomnikelo wesono, ungowomphristi; ungcwelengcwele.


Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe umnikelo wesono endaweni yomnikelo wokushiswa.


“Yisho ku-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngeminikelo yesono: umnikelo wesono kufanele uhlatshelwe endaweni lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa phambi kukaSimakade; ungcwelengcwele.


Umnikelo wecala uyakuhlatshelwa lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa, igazi lawo lifafazwe nxazonke ze-althare.


UMose wayihlaba, wayesefafaza igazi nxazonke ze-althare.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ