Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 2:30 - IsiZulu 2020

30 Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, umlilo nezikhatha zentuthu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi nomlilo nezinsika zomusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 2:30
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu liyakuba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, nginqumile; anginakuguquka, anginakuphenduka kulokhu.”


Kuyakuthi ngalolo lusuku kungabi bikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kushabalale.


“Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kubhoke indlala ezindaweni eziningi, kube khona ubhubhane, izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.


Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.


bekhala lapho bebona intuthu yokusha kwalo, bethi: ‘Yimuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’


“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.


Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha.


Isivumelwano phakathi kwababebhacile nempi yakwa-Israyeli kwakungukuthi lapho bebona isikhatha sentuthu sivela emzini,


Kepha lapho isikhatha sentuthu siqala ukukhuphuka sivela emzini, abakwaBhenjamini babheka emuva; bheka, isikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni sivela kuwo wonke umuzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ