Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 9:15 - IsiZulu 2020

15 UJoshuwa wenza nazo isivumelwano sokuthula, eziqinisekisa ukuthi aziyukufa. Abaholi bebandla lakwa-Israyeli bafunga nabo ukuthi abayukuzibulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJoshuwa wenza ukuthula nabo, wenza isivumelwano nabo ukubayeka baphile; nezinduna zebandla zafunga kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 9:15
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda.


Ningenzi isivumelwano nazo, noma nonkulunkulu bazo.


Lapho u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, esezwile ukuthi uJoshuwa uyidle kanjani i-Ayi, wayishaya wayiqothula, wenza kuyo i-Ayi nenkosi yayo njengalokhu ayenzile kulo iJerikho nenkosi yalo, nokuthi izakhamuzi zaseGibheyoni zasenza kanjani isivumelwano sokuthula no-Israyeli, zahlala phakathi kwakhe;


“Khuphukani, nizongisiza, silihlasele iGibheyoni, ngokuba lenze isivumelwano sokuthula noJoshuwa nabantu bakwa-Israyeli.”


Akukho muzi namunye owenza isivumelwano sokuthula nabantu bakwa-Israyeli, ngaphandle kwamaHivi ayeyizakhamuzi zaseGibheyoni; yonke yanqotshwa empini.


Emveni kwezinsuku ezintathu besenzile isivumelwano nazo, bezwa ukuthi zingomakhelwane babo nokuthi zihlala phakathi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ