Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 8:8 - IsiZulu 2020

8 Lapho seniwudlile umuzi, niyakuwuthungela ngomlilo, nenze njengalokhu uSimakade eniyalile. Bhekani, senginiyalile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kuyakuthi lapho seniwuthathile umuzi, nithungele umuzi ngomlilo, nenze njengezwi likaJehova; bhekani, senginiyalile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lapho seniwuthathile umuzi, kumelwe niwuthungele ngomlilo; ngokomyalo kaJehova kumelwe nenze. Bhekani, nginiyalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 8:8
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.


Bamphendula uJoshuwa bathi: “Konke lokho osiyale ngakho sizokwenza, futhi noma kuphi lapho usithuma khona siyakuya.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade.


Bawahlela amabutho, ingxenye enkulu yawo yayingasenyakatho, ingxenye eyayingemuva ingasentshonalanga yomuzi. UJoshuwa walala esigodini ngalobo busuku.


Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”


Abanye baphuma emzini babhekana nabo. Ngaleyo ndlela abakwa-Israyeli babavimbezela nxazonke bababulala, akwaze kwasinda muntu.


Ngakho-ke uJoshuwa walishisa i-Ayi, walishiya liyindunduma yencithakalo kuze kube namuhla.


niyakuvuka niwuthelekele umuzi, niwudle, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uzowunikela ezandleni zenu.


UJoshuwa wabathuma baya kuleyo ndawo ababezogwaca kuyo, bazifihla phakathi kweBhetheli ne-Ayi, ngasentshonalanga e-Ayi. Ngalobo busuku uJoshuwa walala phakathi kwabantu.


Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ