Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 7:21 - IsiZulu 2020

21 lapho ngibona phakathi kwempango ingubo enhle eShinari, isiliva elingama-200 amashekeli, nesigaxa segolide esisisindo salo singamashekeli angama-50, ngakunxanela, ngase ngiyakuthatha. Manje ngikumbele ngakufihla phakathi ethendeni lami, isiliva lona liphansi kwakho konke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari, namashekeli* angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi ayisihlanu, ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Lapho ngabona empangweni ingubo enhle yaseBhabhiloni namashekeli angamakhulu amabili esiliva nesiphetho segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi amahlanu, ngakufisa, ngathatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 7:21
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


Afika namanye amadodana kaJakobe afica izidumbu, ayesewuphanga umuzi, ngokuba wayengcoliselwe lapho udadewabo.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


Kwathi labo abanochoko sebefikile emaphethelweni enkambu, bangena kwelinye ithende, badla, baphuza, bathatha lapho isiliva, igolide, nezingubo, bayokufihla; babuya, bangena kwelinye ithende, bathatha nalapho, base beyokuthukusa.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?


Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.


Ungayifisi indlu yomakhelwane wakho; ungamfisi umfazi womakhelwane wakho, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, noma yini kamakhelwane wakho.”


Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.


Ungabolibuka iwayini ulibone libomvu, licwebezela endebeni, lehla kalula emphinjeni,


Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.


Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.


ngokuba nithe: “Senze isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esiyishoba sedlula, asiyukuza kithi, ngoba amanga siwenze ayisiphephelo sethu, sacasha phansi kwenkohlakalo.”


Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”


Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”


Akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa, nokufihliweyo okungayukwaziwa.


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele,


Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu.


Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe,


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa.


U-Akhani wamphendula uJoshuwa, wathi: “Kuliqiniso, yimi engonile kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Nakhu engikwenzileyo:


Ngakho-ke uJoshuwa wathumela izithunywa, zagijima zaya ethendeni lika-Akhani, zakufica lapho kufihliwe ethendeni lakhe, isiliva liphansi kwakho.


Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ