UJoshuwa 6:17 - IsiZulu 202017 Umuzi nakho konke okukuwo kuyakunikelwa kuSimakade, ubhujiswe, nguRahabi isifebe kuphela nabo bonke abanaye endlini yakhe abayosinda, ngokuba wathukusa izinhloli zethu esasizithumele. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE17 Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202417 Umuzi uyakuqalekiswa, wona nakho konke okukuwo, kuJehova; uRahabi isifebe kuphela oyakuphila, yena nabo bonke abanaye endlini, ngokuba wafihla izithunywa esazithumayo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
“Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Tshela izinyoni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izilwane zasendle, uthi: “Qoqanani, nihlangane ndawonye nisuka nxazonke, nize emhlatshelweni wami enginihlabele wona, ngumhlatshelo omkhulu osezintabeni zakwa-Israyeli; niyakuzitika ngenyama, niphuze igazi.