Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 4:14 - IsiZulu 2020

14 Ngalolo lusuku uSimakade wamphakamisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abantu bakwa-Israyeli; bamesaba njengoba babesaba uMose izinsuku zonke zokuphila kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngalolo suku uJehova wamenza waba mkhulu uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 4:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho, ebuqamama, ambona, athi: “Umoya ka-Eliya wehlele phezu kuka-Elisha.” Asuka ayomhlangabeza, akhothama athi mbo emhlabathini phambi kwakhe.


USimakade wamenza waba mkhulu uSolomoni phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungakaze lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli eyamendulelayo.


Isandla sikaNkulunkulu sasikuJuda ukubenza babe nhliziyonye ukuze bagcine isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaSimakade.


USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu.


U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.


Ndodana yami, mesabe uSimakade nenkosi, ungazihlanganisi nabamelana nabo,


ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.


Kwawela phambi kukaSimakade amadoda ayizi-40 000 ayehlome ephelele alibangisa emathafeni eJerikho ukuyolwa.


Ngalolo lusuku uSamuweli wathandaza kuSimakade, uSimakade waletha ukuduma nemvula; bonke abantu besaba kakhulu uSimakade noSamuweli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ