Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 24:31 - IsiZulu 2020

31 U-Israyeli wamkhonza uSimakade ngazo zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangezamalunga aphila izinsuku ezedlula ezikaJoshuwa, futhi ayekwazi konke uSimakade ayekwenzele u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa, ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga asala kuJoshuwa futhi azi wonke usizi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 24:31
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.


UJowashi wenza okulungile phambi kukaSimakade ngazo zonke izinsuku zokuphila kukaJehoyada, umphristi.


UJosiya wasusa zonke izinengiso ezazisemazweni wonke akwa-Israyeli, ezazingezabantu bakwa-Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa-Israyeli, bamkhonze uSimakade uNkulunkulu wabo. Ngazo zonke izinsuku zakhe, abantu abachezukanga ekumlandeleni uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Ngiyazi ukuthi kuzofika izimpisi ezinonya emuva kokuba sengihambile, ezingenakuwuhawukela umhlambi,


Yazini namuhla ukuthi akubona abantwana benu abangazanga nabangabonanga ukufundisa kukaSimakade uNkulunkulu wenu, ubukhulu bakhe, isandla sakhe esinamandla, ukwenza kwakhe okumangalisayo,


Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.


nokuthi abantwana babo abangawaziyo bawuzwe, bafunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wenu ngazo zonke izinsuku nihleli ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle.”


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Kwathi ukuba uJoshuwa abakhulule abantu, abakwa-Israyeli babuyela efeni labo ezweni ababelwe lona.


Abantu bamkhonza uSimakade zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangazo zonke izinsuku zezingwevu ezaphila kade kunoJoshuwa, ezaziwubonile wonke umsebenzi omkhulu uSimakade ayewenzele u-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ