Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 23:16 - IsiZulu 2020

16 Uma nephula isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ngaso bese nihamba niyokhonza abanye onkulunkulu, nibakhothamele, ulaka lukaSimakade luyonivuthela, nibhubhe ngokushesha kuleli lizwe elihle aninike lona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso, niye nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uma nephulile isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngaso, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele; intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 23:16
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade uyakumshaya u-Israyeli njengomhlanga untengantenga emanzini, amsiphule kuleli lizwe elihle alinika okhokho bakhe, abahlakazele phesheya komfula, ngoba benzele o-Ashera babo izingongolo, bamthukuthelisa uSimakade.


“Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.


Kwaba kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, ngokuba babonile kuSimakade uNkulunkulu wabo owayebakhuphule eGibhithe, phansi kwesandla sikaFaro, inkosi yakhona, besaba abanye onkulunkulu.


Lokho kwenzeka eJerusalema kwaJuda ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla ebusweni bakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo, ngokuba bayeqile imithetho, baphambuka ezimisweni, basephula isivumelwano saphakade.


Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


Ngiyokwenza kini lokho engangihlose ukukwenza kubo.’ ”


ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,


“Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaSimakade uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,


Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ