Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 22:6 - IsiZulu 2020

6 UJoshuwa wayesebabusisa, wabakhulula ukuba bahambe, bahamba babuyela emathendeni abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJoshuwa wababusisa, wabamukisa, baya ematendeni abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 22:6
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.


UJakobe wambusisa uFaro, wayesesuka phambi kukaFaro.


UJosefa wayesemngenisa uyise, uJakobe, wamethula kuFaro. UJakobe wambusisa uFaro.


UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade Wamabandla.


Wababela bonke abantu, sonke isixuku sabakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo isinkwa, ikhekhe lengqayisundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe. Wayesehamba, abantu bonke babuyela, yilowo nalowo, ekhaya lakhe.


UDavide wabuya wayobusisa abendlu yakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, waphuma wayohlangabeza uDavide, wathi: “Inkosi ka-Israyeli izenze inhlekisa namuhla, yazehlisa isithunzi phambi kwezincekukazi nezinceku zayo njengomuntu ongelutho.”


Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, babuyela emathendeni abo bejabula, bethokoza ngakho konke okuhle uSimakade akwenzile kuDavide, inceku yakhe, naku-Israyeli, abantu bakhe.


Ingxenye enkulu yabantu eyayivela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwa-Isakhare nakwaZebuloni, yayingazihlambululanga, balidla iphasika ngokungalotshiwe, ngokuba uHezekiya wayebakhulekele, wathi: “USimakade omuhle makathethelele,


UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


Wayesebahola, baphuma baze bayofika eBhethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.


UJoshuwa wambusisa, iHebhroni walinika uKhalebhu, indodana kaJefune, laba yifa lakhe.


UJoshuwa wayesebadedela abantu, babuyela efeni labo.


USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya.


waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


U-Eli wabusisa u-Elikhana nomkakhe, wathi: “USimakade makakunike uzalo ngalo wesifazane ngenxa yesipho enanikela ngaso kuSimakade.” Base bebuyela ekhaya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ