Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 22:25 - IsiZulu 2020

25 Ngokuba uSimakade ulenzile iJordani laba ngumngcele phakathi kwethu nani, nina bakwaRubeni nabakwaGadi; aninasabelo kuSimakade.’ Izingane zenu zingenza abantwana bethu bayeke ukukhonza uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani, nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi; aninasabelo kuJehova;’ abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngokuba uJehova wenze iJordani laba umkhawulo phakathi kwethu nani bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi. Awunasabelo kuJehova; ngakho abantwana benu bazakwenza ukuthi abantwana bethu bayeke ukumesaba uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 22:25
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.”


ngenxa yezono zikaJerobhowamu ayezenzile, onisa ngazo u-Israyeli, wachukuluza ngazo ulaka lukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngabathumelela impendulo ethi: “UNkulunkulu wezulu uzosiphumelelisa, thina zinceku zakhe sizosukuma, siqale sakhe kabusha, kodwa nina aninasabelo, nalungelo, nanto eyisikhumbuzo eJerusalema.”


Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami.


Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.


Qha, silakhe ngokwesaba ukuthi esikhathini esizayo abantwana benu bayothi kwabethu: ‘Ninamsebenzi muni noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, na?


“Ngakho-ke sithe: ‘Manje masakhe i-althare, lingabi ngelomnikelo wokushiswa noma elomhlatshelo,’


kodwa libe ngubufakazi phakathi kwethu nani, naphakathi kwezizukulwane emva kwethu, ukuthi siyayenza inkonzo kaSimakade phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa, ngemihlatshelo, nangeminikelo yobudlelwane, ukuze abantwana benu bangaze bathi kwabethu ngesikhathi esizayo: ‘Aninasabelo kuSimakade.’


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ