Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 22:15 - IsiZulu 2020

15 Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 22:15
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe wathi: “USimakade makenezelele kubantu bakhe kuphindwe kayikhulu. Nkosi yami, nkosi, kanti abasizo yini izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani ukwenza lokhu na? Kungani ifuna ukuba yimbangela yecala ku-Israyeli na?”


U-Israyeli wayihlubuka indlu kaDavide kuze kube yinamuhla.


Kusukela esikhathini u-Amaziya aphambuka ngaso ekulandeleni uSimakade bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakhishi, kepha bathumela eLakhishi, bambulalela khona.


Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”


bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapho, ngokuba nisikhongela icala kuSimakade. Ngabe nifuna ukwenezelela esonweni nasecaleni lethu na? Ngokuba lukhulu ulaka oluvuthayo phezu kuka-Israyeli.”


Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


Ngokuba bazithathela amadodakazi azo aba ngabafazi babo, bathathela namadodana abo. Balungcolisile ulibo olungcwele ngokuzihlanganisa nabezizwe. Abaholi nezikhulu baba ngobhongoza ekwenzeni lokho kungethembeki.”


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Basheshe baphambuka endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhipha eGibhithe.’ ”


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


“ ‘Bayakubuvuma ububi babo nobubi bokhokho babo okwathi ekungethembekeni kwabo, benza ukungethembeki kimi, baqhubeka bamelena nami.


Kungumnikelo wecala; nempela unecala phambi kukaSimakade.”


Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”


Uma nibuyela emuva ningamlandeli, uyophinde abashiye ehlane, nibhubhise bonke laba bantu.”


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala.


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.


Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye.


Ekuhlanganeni kwenu egameni leNkosi uJesu, nami nginani ngomoya nangamandla eNkosi yethu uJesu,


“Kepha uma uyifulathelisa inhliziyo yakho ungalaleli; uyengeke ukuba ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze,


ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni bese ikhonza abanye onkulunkulu; intukuthelo kaSimakade ikuvuthele, akubhubhise masinyane.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Kuthe ukuba abakwa-Israyeli bakuzwe lokho, yonke inhlangano yabakwa-Israyeli yabuthana eShilo ukuze balwe nabo.


UFinehasi wayehambisana nezikhulu ezilishumi, kuyisikhulu ngendlu kayise kuzona zonke izizwana zakwa-Israyeli, kuyileso naleso simele indlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.


“Isho kanje inhlangano yonke kaSimakade: ‘Siphambeko sini lesi enisenze kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nimjikele namuhla ngokungabe nisamlandela uSimakade ngokuzakhela i-althare, na? Ningamhlubuka kanjani uSimakade namuhla, na?


ukuba namuhla nimhlubuke ningabe nisamlandela uSimakade, na? Uma nimhlubuka namuhla uSimakade, uzoyithukuthelela yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ