Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 21:44 - IsiZulu 2020

44 USimakade wayesebapha ukuthula nhlangothi zonke njengalokhu ayefungile kokhokho babo; akukho nasinye ezitheni zabo esama phambi kwabo, ngokuba uSimakade wayezinikele zonke izitha zabo ezandleni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekuthembisile koyise ngesifungo; akwabakho muntu kuzo zonke izitha zabo owama phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 21:44
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abakwa-Israyeli babaleka phambi kwabaJuda; uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.


Ngiyokwandisa imingcele yezwe lakho kusukela oLwandle Lomhlanga kuze kufike olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuze kushaye emfuleni. Ngiyonipha amandla phezu kwezakhamuzi zezwe, nizixoshe phambi kwenu.


USimakade wathi: “Ngizohamba nawe Mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.”


Njengezinkomo zehlela ethafeni, uMoya kaSimakade wabaphumuza. Wabahola kanjalo abantu bakho, ukuze uzenzele igama elimangalisayo.


Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi, akubangabikho muzi owasehlulayo ngokuphakama; uSimakade uNkulunkulu wethu wayinikela yonke kithi.


“Kuyothi lapho uphuma uya empini, uSimakade uNkulunkulu wakho azinikele izitha zakho ezandleni zakho, uzithathe, uzithumbe.


Ngakho-ke likhona iSabatha kubantu bakaNkulunkulu.


“Khumbulani izwi uMose, inceku kaNkulunkulu, aniyala ngalo, ethi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uzakunabela indawo yokuphumula, futhi uyakuninika leli lizwe.’


aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade.


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”


Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.


Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ