Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 20:8 - IsiZulu 2020

8 Phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, behlukanisa iBhezeri esehlane lethafa lesizwana sakwaRubeni, iRamothi kwaGileyadi esizwaneni sakwaGadi, neGolamu eBhashani esizwaneni sakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBezeri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolani eBashani esizweni sakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 20:8
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yakwa-Israyeli yayisiqoqa abaphrofethi abathi ababe ngama-400, yathi kubo: “Ngihambe yini ngiyokulwa neRamothi Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uSimakade uyakulinikela esandleni senkosi.”


Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, bayokulwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu, eRamothi Gileyadi. Abase-Aramu bamlimaza uJoramu.


phesheya kweJordani ngaseJeriko, empumalanga neJordani, esizwaneni sakwaRubeni, banikwa iBhezeri, ehlane, namadlelo alo, iJahaza namadlelo alo,


nasesizwaneni sakwaGadi, banikwa iRamothi, kwaGileyadi, namadlelo alo, iMahanayimi namadlelo alo,


sayithatha yonke imizi esethafeni lakwaGileyadi, iBhashani lonke kuze kube seSalekha nase-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani.


iBhezeri elisehlane ezweni eliyithafa libe ngelabakwaRubeni, iRamothi ekwaGileyadi ibe ngeyabakwaGadi, neGolanu eseBhashani ibe ngeyabakwaManase.


Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.


Lena kwakuyimizi eyehlukaniselwa bonke abantu bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngephutha abalekele khona, angabulawa ngumphindiseli wegazi, aze ame phambi kwebandla kuthethwe icala lakhe.


Abozalo lukaGerishoni, omunye wemindeni yabaLevi, banikwa engxenyeni yesizwana sakwaManase, iGolanu eBhashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, neBheyeshithera namadlelo alo, imizi emibili.


Esizwaneni sakwaRubeni bathola: iBhezeri namadlelo alo, iJahazi namadlelo alo,


Esizwaneni sakwaGadi bathola: iRamothi kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iMahanayimi namadlelo alo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ