Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 20:7 - IsiZulu 2020

7 Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Babeka iKedeshi eGalile entabeni yakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyatarba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 20:7
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.


URehobhowamu waya eShekhemi, lapho wonke u-Israyeli ayebuthene khona ukuba ambeke inkosi.


nasesizwaneni sakwaNafethali, iKedeshi, eGalile, namadlelo alo, iHamoni namadlelo alo, iKiriyathayimi namadlelo alo.


URehobhowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayeye lapho eShekemi ukuba ambeke, abe yinkosi.


“Imizi eniyoyinika abaLevi iyoba yimizi eyisithupha yokuphephela, lapho umbulali eyobalekela khona ukuba aphephe kuyo. Ngaphandle kwayo, niyobanika imizi engama-42.


Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda.


uyoyigcina yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba uyenze, ukumthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ukuhamba nsuku zonke ngezindlela zakhe, uyozithasiselela futhi ngeminye imizi emithathu ngaphezu kwalena emithathu ekhona,


UMose wehlukanisa imizi emithathu phesheya kweJordani ngasempumalanga


inkosi yaseKedeshi: iyodwa; inkosi yaseJokhineyami eKharmeli: iyodwa;


Igama leHebhroni kuqala kwakuyiKiriyathi Arbha; lo Arbha wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula ekulweni.


Wamnika uKhalebhu indodana kaJefune isabelo phakathi kwabozalo lukaJuda njengoba uSimakade ayemyalile uJoshuwa, umuzi ka-Arbha uyise ka-Anaki iHebhroni.


Imizi ebiyelwe kwakuyiZidimi, iZeri, iHamathi, iRakhathi, iKhinerethi,


Phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, behlukanisa iBhezeri esehlane lethafa lesizwana sakwaRubeni, iRamothi kwaGileyadi esizwaneni sakwaGadi, neGolamu eBhashani esizwaneni sakwaManase.


Bawanika iKiriyathi Arbha okuyiHebhroni, umuzi kayise ka-Anaki, ezintabeni kwaJuda namadlelo awo nxazonke zawo.


IHebhroni umuzi wokuphephela umbulali namadlelo alo, iLibhina namadlelo alo, bakunika abozalo luka-Aroni umphristi,


Banikwa iShekhemi namadlelo alo, kwelezintaba kwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela umbulali, iGezeri namadlelo alo,


Esizwaneni sakwaNafethali bathola: iKedeshi eGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iHamothi Dori namadlelo alo, neKharithani namadlelo alo, imizi emithathu.


UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.


U-Abhimelekhi, indodana kaJerubhali, waya eShekhemi ezihlotsheni zikanina nakubo bonke abomndeni wasekhayakonina, wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ