Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 18:16 - IsiZulu 2020

16 wehle ubheke emngceleni wentaba ebhekene nesigodi sendodana kaHinomi, esingasenyakatho ekugcineni nesigodi iRefayimu; wehlele esigodini sikaHinomu, esiseningizimu nomthambeka wamaJebusi, wehle njalo uze uyofika e-Eni Rogeli,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Umngcele wehlela ekupheleni kwentaba ephambi kwesigodi sendodana kaHinomu esisesigodini samaRefa ngasenyakatho, wehlela esigodini sikaHinomu, eceleni kweJebusi ngasentshonalanga. Eningizimu, wehlela e-Enirogeli;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 18:16
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayivame ukuya ibatshele, bese bona bewedlulisela umbiko enkosini uDavide, babekwenza lokhu ngendlela yokuba bangabonwa muntu behamba beya emzini.


AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa.


U-Adoniya wahlaba izimvu, izinkabi namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni eZohelethi, eceleni kwe-Eni Rogeli. Wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, abantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi,


Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


uthi kuwo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Ngiyakubaphihliza kanjalo laba bantu nalo muzi, njengokuphihlizwa kwesitsha sombumbi esingayukubuye sihlanganiseke; bayakumbelwa eThofethi, ngokuba akuyukuba bikho ndawo yokungcwaba.


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.


Ngakho-ke ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho le ndawo ingasayukubizwa ngokuthi iThofethi, noma yisigodi sendodana kaHinomu, kepha yiSigodi Sokubulala.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


iZela, i-Hahelefi, iJebusi okuyiJerusalema, iGibheya, neKiriyathi, kuyimizi eli-14 nemizana yayo. Lesi kwakuyisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo.


Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.


Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo.


Indoda yenqaba ukuphinde ilale ngalobo busuku, yasukuma yahamba, yaze yafika maqondana neJebusi, okuyiJerusalema. Yayihamba nesancinza sayo nezimbongolo ezimbili eziboshelwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ