Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 18:14 - IsiZulu 2020

14 Umngcele bese ubheka kwenye ingxenye, ujike ubheke ngasentshonalanga-ningizimu; kusuka entabeni ebhekene neBhethi Horoni eningizimu uphele eKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi engumuzi wabantu bakwaJuda. Lolu wuhlangothi olungasentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Umkhawulo wasuka lapho, wazungeza engosini yolwandle ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakuseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; kwakuyiwadi esentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 18:14
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wasuka wahamba nabo bonke abantu ayenabo, besuka eBhali Juda, ukuyolinda umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, igama likaSimakade Wamabandla ohlala phezu kwamakherubhi.


IKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi, neRaba; kuyimizi emibili nemizana yayo.


bese uqhubeka usuka esiqongweni sentaba uya emthonjeni wamanzi eNefithowa, usuke lapho uze uyofika emizini esentabeni i-Efroni, umngcele usuke ujike uye eBhahala eKiriyathi Jeharimi,


Kusuka lapho umngcele wedlula ngaseningizimu ngendlela eya eLuze, eceleni kweLuze eliyiBhethele, wehlele e-Atharothi Adari entabeni esezansi ngaseningizimu yeBhethi Horoni.


Umngcele ongaseningizimu uqala ekupheleni kweKiriyathi Jeharimi, umngcele uqhubeke uye e-Efroni emthonjeni wamanzi aseNefithowa,


Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.


esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBhethi Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emngceleni obheke esigodini eZebhoyimi ngasehlane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ