Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 18:12 - IsiZulu 2020

12 Umngcele wabo ngasenyakatho wawusuka eJordani, wenyuke eceleni kweJerikho ngasenyakatho, ukhuphukele kwelezintaba entshonalanga, uze uyogcina ehlane iBhethi Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho wawusuka eJordani; umkhawulo wenyuka ohlangothini lweJeriko ngasenyakatho, wenyuka ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakusehlane laseBeti Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 18:12
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izakhamuzi zaseSamariya ziyakwesaba ngenxa yethole laseBhethi Aveni, ngokuba abantu bakhona nabaphristi balo bayakulililela, phela udumo lwalo selushabalele kulo.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


“Bethani uphondo eGibheya, nishaye icilongo eRama; nihlabe umkhosi eBhethi Aveni nithi: Baphezu kwakho Bhenjamini!


Isabelo sabozalo lukaJosefa sasisuka eJordani ngaseJerikho empumalanga yamanzi eJerikho, kuya ehlane, sikhuphuke kusuka eJerikho kuye kwelezintaba kuze kufike eBhethele,


Benza unkatho ngesizwana sabozalo lukaBhenjamini nemindeni yaso; banikezwa indawo eyayiphakathi kwabozalo lukaJuda nabolukaJosefa.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Amasango eJerikho ayevaliwe ngaphakathi nangaphandle ngenxa yabantu bakwa-Israyeli; kwakungaphumi futhi kungangeni muntu.


UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.


UJoshuwa nayo yonke impi yakwa-Israyeli, bashaya sengathi bayehlulwa, base beyabaleka ngendlela eqonde ogwadule.


AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ