Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 18:10 - IsiZulu 2020

10 UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJoshuwa wabenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova, uJoshuwa wababela khona izwe abantwana bakwa-Israyeli ngokwezabelo zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 18:10
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bahlukaniswa ngokonkatho, ngokuba phakathi kwabo kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ozalweni luka-Eleyazare noluka-Ithamari.


Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.


Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela


Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.


Unkatho luyayiqeda ingxabano; luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.


“ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli.


Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.


“Yilo leli lizwe eniyakulehlukanisa ngonkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli. Ilezo-ke izabelo zazo, kusho iNkosi uSimakade.”


Ngakho-ke akuyukubabikho kini ophonsa intambo yokulinganisa ngonkatho ebandleni likaSimakade.


Amabutho esembethele esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe, enza unkatho,


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.


ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”


nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,


Ifa labo lehlukaniswa ngonkatho, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose maqondana nezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye.


Abakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayemyalile uMose; balehlukanisa izwe.


Benza unkatho ngesizwana sabozalo lukaBhenjamini nemindeni yaso; banikezwa indawo eyayiphakathi kwabozalo lukaJuda nabolukaJosefa.


Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu.


Amadoda eyesengena indlela; uJoshuwa wabayala labo ababezoloba bachaze ngezwe, wathi: “Hambani kulo lonke izwe nilobe nichaze ngomumo wezwe, bese nibuya nize kimi; ngizonenzela unkatho phambi kukaSimakade eShilo.”


Ngakho-ke amadoda ahamba, adabula ezweni, aloba encwadini achaza ngomumo walo imizi ngemizi, izabelo eziyisikhombisa; ayesebuyela kuJoshuwa enkanjini eShilo.


Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.


Bhekani, nginabele njengefa lezizwana zenu, zonke izizwe ezisasele, nazo zonke izizwe engazibhubhisa, kusukela eJordani kuze kufike oLwandle Olukhulu entshonalanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ