Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 17:4 - IsiZulu 2020

4 Eza phambi komphristi u-Eleyazare noJoshuwa indodana kaNuni, nabaholi bakwa-Israyeli, athi: “USimakade wayala uMose ukuba asinike isabelo sethu kanye nesabafowethu.” Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade wawanika isabelo sawo phakathi kwabafowabo ababezalwa ndoda yinye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu.” Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Ngakho wabapha ifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokomyalo kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 17:4
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.


Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”


Amadodakazi kaZelofehadi enza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.


Lokho kwenza ukuba abakwaManase bathole izabelo ezilishumi ngaphandle kweGileyadi neBhashani ngaphesheya kweJordani,


Kwase kusondela izinhloko zemindeni yabaLevi ku-Eleyazare, umphristi benoJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yezizwana zakwa-Israyeli;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ