Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 17:11 - IsiZulu 2020

11 Phakathi kwelakwa-Isakhari nakwa-Asheri uManase wabelwa iBhethi Sheyani nemizana yalo, iJibheleyami nemizana yalo, izakhamuzi zaseDori nemizana yalo, ezase-Eni Dori nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, elesithathu yiNafathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase waba neBeti Sheyani namadlelo alo, ne-Ibileyamu namadlelo alo, nabakhileyo eDori namadlelo alo, nabakhileyo e-Endori namadlelo alo, nabakhileyo eThahanaki namadlelo alo. Nabakhileyo eMegido nemizana yayo, amazwe amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 17:11
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa.


Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri.


U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esekubonile lokho, wabaleka ngendlela eseBhethi Hagani, nokho uJehu wamhlala ezithendeni, wathi: “Mbulaleleni naye enqoleni yakhe.” Bambulala enqoleni yakhe emmangweni eGuri ongaseJibhileyamu. Wabalekela eMegido, wafela lapho.


nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, i-Anere namadlelo alo, neBhileyamu namadlelo alo, kwaba ngokomndeni owawusele wozalo lukaKhohathi.


ngasemingceleni yabakwaManase kuyiBhethi Sheyani nemizana yalo, iThahanakhi nemizana yalo, iMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo ndawo kwahlala abakwaJosefa, indodana ka-Israyeli.


Kepha uJosiya akaphendukanga, kunalokho wazifihla ukuze alwe naye, akawalalelanga amazwi kaNekho ayevela emlonyeni kaNkulunkulu, wahamba wayokulwa esigodini saseMegido.


ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba emhlabathini.


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.


Ngalolo lusuku kuyakuba khona isililo esikhulu eJerusalema njengesililo sokulilela uHadadi Rimoni, ethafeni iMegido.


nasemakhosini asenyakatho kwelezintaba, nase-Araba eningizimu eKhinerethi, nasemathafeni, nasezintabeni eDori entshonalanga,


inkosi yaseThanakhi: iyodwa; inkosi yaseMegido: iyodwa;


inkosi yaseDori egqumeni laseDori: iyodwa; inkosi yaseGoyimi eseGalile: iyodwa;


nemizi eyehlukaniselwa abozalo luka-Efrayimi esabelweni sabozalo lukaManase, yonke leyo mizi nemizana yayo.


Ngaseningizimu ngelika-Efrayimi, elingasenyakatho kwaManase, umngcele walo kungulwandle. Ngasenyakatho ufinyelela e-Asheri, kuthi ngasempumalanga ufinyelele e-Isakhare.


Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”


UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.


“Amakhosi afika, alwa; alwa namakhosi aseKhanani, eThahanakhi, ngasemanzini eMegido; awatholanga mpango yesiliva.


Wayesethi uSawule ezincekwini zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuze ngiye kuye, ngiyobuza.” Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”


Abeka izikhali zikaSawule endlini ka-Ashitharothi, isidumbu sakhe asibethela ogangeni eBhethi Shani.


kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ