Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 15:11 - IsiZulu 2020

11 umngcele wedlule emthambekeni wegquma elisenyakatho ye-Ekhroni, bese ujikela eShikheroni wedlule entabeni iBhahala, udlulele eJabhineyeli uze uyogcina olwandle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 umkhawulo waphuma waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho, umkhawulo waphuma waya eSikroni, wadlula entabeni yaseBahala, waphuma waya eJabineyeli; ukuphuma komngcele kwakusolwandle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 15:11
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kuyo: “Usho kanje uSimakade: ‘Lokhu uthumele izithunywa ukuyohlola kuBhali Zebhubhi, unkulunkulu wase-Ekhroni, yingoba kungekho Nkulunkulu yini kwa-Israyeli ukuba ubuze izwi lakhe na? Ngakho-ke, umbhede olele kuwo ngeke usehla kuwo, kodwa uzokufa nokufa.’ ”


Zaphendula zathi: “Sihlangane nendoda ethe kithi: ‘Hambani, niphindele enkosini enithumileyo, nithi kuyo: “Usho kanje uSimakade, uthi: kungenxa yokuba kungekho Nkulunkulu yini kwa-Israyeli ukuba nihambe niyohlola kuBhali Zebhubhi, unkulunkulu wase-Ekhroni na? Ngalokho umbhede olele kuwo awuyukwehla kuwo, impela uyakufa.” ’ ”


Waphuma wayokulwa namaFilisti, wadiliza ugange eGathi, ugange eJabhine, nogange e-Ashidodi, wakha imizi e-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.


“ ‘Umngcele wasentshonalanga kuyoba wuLwandle Olukhulu, lube ngumngcele wenu entshonalanga.


bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina;


Umngcele ngasentshonalanga kwakuwuLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lona-ke ngumngcele owawuzungeze abozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo.


bese uqhubeka usuka esiqongweni sentaba uya emthonjeni wamanzi eNefithowa, usuke lapho uze uyofika emizini esentabeni i-Efroni, umngcele usuke ujike uye eBhahala eKiriyathi Jeharimi,


UJuda wadla iGaza nezindawo zalo, i-Ashikeloni nezindawo zalo, ne-Ekhroni nezindawo zalo.


Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGathi nasemasangweni e-Ekhroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGathi nase-Ekhroni.


Umphongolo kaNkulunkulu base bewuthuthela e-Ekhroni. Kwathi lapho ufika e-Ekhroni, abantu base-Ekhroni bakhala, bathi: “Balethe lapha lo mphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba asibulale thina nabantu bakithi.”


Bathumela, baqoqa onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Sizokwenzenjani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?” Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli masiwuthuthele eGathi.” Bawuthuthela khona umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli.


Yonke imizi amaFilisti ayeyidlile ku-Israyeli, yabuyela kuye, kusukela e-Ekhroni kuze kube seGathi. U-Israyeli wazithola zonke izifunda zakhe ezazithathwe ngamaFilisti. Kwaba nokuthula phakathi kuka-Israyeli nama-Amori.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ