Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 13:31 - IsiZulu 2020

31 nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 13:31
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abozalo lukaGereshomu banikwa emndenini wengxenye yesizwana sakwaManase iGolanu, iBhashani namadlelo alo, i-Ashitharothi namadlelo alo;


UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


“UManase uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.


nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,


wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.


Leli yifa uMose alaba emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani, empumalanga neJerikho.


Lokho kwenza ukuba abakwaManase bathole izabelo ezilishumi ngaphandle kweGileyadi neBhashani ngaphesheya kweJordani,


ngokuba amadodakazi kaManase nawo athola ifa phakathi kwamadodana akhe; iGileyadi labelwa bonke abozalo lukaManase.


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; noDani walibalelani ngasemikhunjini, na? U-Ashera wahlala akanyakaza ogwini lolwandle, wahlala ngasethekwini lalo.


Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


USamuweli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli: “Uma nibuyela kuSimakade ngenhliziyo yenu yonke, susani phakathi kwenu onkulunkulu babezizwe no-Ashitharothi, nibhekise izinhliziyo zenu kuSimakade, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ